Ngokukamathewu 27:15-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Kepha ngomkhosi umbusi wayejwayele ukukhululela isixuku isiboshwa sibe sinye esasisithanda.

16. Ngaleso sikhathi babe nesiboshwa esidumileyo esithiwa uBaraba.

17. Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele bani, uBaraba nokuba uJesu othiwa uKristu, na?”

18. Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu.

19. Esahlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba kulowo muntu olungileyo; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni.”

20. Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu.

21. Wayesephendula umbusi, wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na?”Bathi: “UBaraba.”

Ngokukamathewu 27