1. Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale;
2. bambopha, bamuka naye, bamnikela kuPilatu umbusi.
3. Khona uJuda owamkhaphelayo, ebona ukuthi ulahliwe, wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi namalunga,
4. wathi: “Ngonile ukuba ngikhaphele igazi elingenacala.”Bona bathi: “Kuyini lokho kithi na? Zibonele wena.”
5. Wayesephonsa izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, waziphanyeka.
6. Kepha abapristi abakhulu bazithatha izinhlamvu zesiliva, bathi: “Akuvunyelwe ukuzifaka emnikelweni, ngokuba kuyimali yegazi.”
7. Benza icebo, bathenga ngayo insimu yombumbi, ibe ngeyokumbela abafokazi.
8. Ngalokho insimu leyo ithiwa insimu yegazi kuze kube namuhla.
9. Khona kwagcwaliseka okwashiwo ngomprofethi uJeremiya ukuthi: “Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu, inani lowamiselwa inani onani lakhe lamiswa ngamadodana ka-Israyeli;