9. Ngokuba lokho nga kuthengisiwe ngokukhulu, kwaphiwa abampofu.”
10. Kepha uJesu ekwazi lokho wathi kubo: “Nimhluphelani owesifazane na? Ngokuba usebenzile umsebenzi omuhle kimi;
11. ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.
12. Ngokuba lapho ethela lawo mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungilungisela ukumbelwa.
13. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona leli vangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”
14. Khona kwasuka omunye wabayishumi nambili othiwa uJuda Iskariyothe, waya kubapristi abakhulu,
15. wathi: “Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na?” Base bemnika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu.
16. Kusukela lapho wafuna ithuba lokumkhaphela.
17. Kepha ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi: “Uthanda ukuba sikulungiselephi ukuba udle iphasika na?”