Ngokukamathewu 26:72-75 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

72. Waphika futhi ngokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.”

73. Emva kwesikhashana ababemi khona basondela, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo, ngokuba nokukhuluma kwakho kuyakudalula.”

74. Khona waqala ukuthuka nokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.”Masinyane lase likhala iqhude.

75. UPetru wayesekhumbula izwi likaJesu abelishilo lokuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu.” Waphumela phandle, wakhala kamunyu.

Ngokukamathewu 26