Ngokukamathewu 26:66-70 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

66. Nithini na?”Kepha baphendula bathi: “Ufanele ukufa.”

67. Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, kepha abanye bammukula,

68. bathi: “Siprofethele, Kristu; ngubani okushayileyo na?”

69. Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; kweza kuye intombazana, yathi: “Nawe ubunoJesu waseGalile.”

70. Kodwa waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi lokhu okushoyo.”

Ngokukamathewu 26