Ngokukamathewu 26:64-74 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

64. UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: Kusukela manje niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza emafwini ezulu.”

65. Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? Bheka, kalokhu nikuzwile ukuhlambalaza kwakhe.

66. Nithini na?”Kepha baphendula bathi: “Ufanele ukufa.”

67. Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, kepha abanye bammukula,

68. bathi: “Siprofethele, Kristu; ngubani okushayileyo na?”

69. Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; kweza kuye intombazana, yathi: “Nawe ubunoJesu waseGalile.”

70. Kodwa waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi lokhu okushoyo.”

71. Kwathi esephumele esangweni, enye intombazana yambona, yathi kwababe lapho: “Lona ube noJesu waseNazaretha.”

72. Waphika futhi ngokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.”

73. Emva kwesikhashana ababemi khona basondela, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo, ngokuba nokukhuluma kwakho kuyakudalula.”

74. Khona waqala ukuthuka nokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.”Masinyane lase likhala iqhude.

Ngokukamathewu 26