48. Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga nguye; mbambeni yena.”
49. Wafika masinyane kuJesu, wathi: “E Rabi!” Wamanga.
50. UJesu wayesethi kuye: “Mngane, ubabeleni na?”Khona basondela, babeka izandla kuJesu, bambamba.
51. Bheka, omunye kwababe noJesu welula isandla, wahosha inkemba yakhe, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe.
52. UJesu wayesethi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba.
53. Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona* ezingelosi adlula ishumi nambili na?
54. Pho-ke ingagcwaliseka kanjani imibhalo yokuthi kumelwe ukuba kube njalo na?”
55. Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba, na? Bengihlezi ethempelini imihla ngemihla ngifundisa, anangibamba.