Ngokukamathewu 26:43-50 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

43. Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima.

44. Wabuye wabashiya, waya wakhuleka ngokwesithathu esho futhi lona lelo zwi.

45. Khona wafika kubafundi, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula; bhekani, ihora selisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.

46. Sukumani sihambe; bhekani, ongikhaphelayo usesondele.”

47. Esakhuluma, bheka, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu sinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga esizwe.

48. Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga nguye; mbambeni yena.”

49. Wafika masinyane kuJesu, wathi: “E Rabi!” Wamanga.

50. UJesu wayesethi kuye: “Mngane, ubabeleni na?”Khona basondela, babeka izandla kuJesu, bambamba.

Ngokukamathewu 26