Ngokukamathewu 26:4-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Bacebisana ukuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale.

5. Kepha bathi: “Makungabi ngomkhosi, funa kube khona isiyaluyalu esizweni.”

6. Kuthe uJesu eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko,

7. kwafika kuye owesifazane ephethe umfuma we-alabaste* wamafutha anenani elikhulu, wawathela ekhanda lakhe ehlezi ekudleni.

8. Kepha abafundi bakhe bebona lokho bathukuthela, bathi: “Kwenzelwani lokho kuchitha na?

9. Ngokuba lokho nga kuthengisiwe ngokukhulu, kwaphiwa abampofu.”

10. Kepha uJesu ekwazi lokho wathi kubo: “Nimhluphelani owesifazane na? Ngokuba usebenzile umsebenzi omuhle kimi;

11. ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.

12. Ngokuba lapho ethela lawo mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungilungisela ukumbelwa.

13. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona leli vangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”

14. Khona kwasuka omunye wabayishumi nambili othiwa uJuda Iskariyothe, waya kubapristi abakhulu,

Ngokukamathewu 26