Ngokukamathewu 26:30-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma, baya eNtabeni Yeminqumo.

31. Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke’;

32. kodwa emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.”

33. UPetru waphendula, wathi kuye: “Noma bonke beyakukhubeka ngawe, mina angisoze ngakhubeka.”

34. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Ngalobu busuku, lingakakhali iqhude, uzakungiphika kathathu.”

35. UPetru wayesethi kuye: “Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho njalo nabafundi bonke.

Ngokukamathewu 26