27. Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani nonke kuso;
28. ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.
29. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.”
30. Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma, baya eNtabeni Yeminqumo.
31. Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke’;
32. kodwa emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.”