Ngokukamathewu 26:23-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Kepha waphendula wathi: “Ofake isandla kanye nami esitsheni nguyena ozakungikhaphela.

24. INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.”

25. Wayesephendula uJuda omkhaphelayo, wathi: “Kungaba yimi, Rabi, na?”Wathi kuye: “Usho khona.”

26. Besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.”

27. Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani nonke kuso;

28. ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.

29. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.”

30. Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma, baya eNtabeni Yeminqumo.

31. Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke’;

32. kodwa emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.”

33. UPetru waphendula, wathi kuye: “Noma bonke beyakukhubeka ngawe, mina angisoze ngakhubeka.”

34. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Ngalobu busuku, lingakakhali iqhude, uzakungiphika kathathu.”

35. UPetru wayesethi kuye: “Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho njalo nabafundi bonke.

36. Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya.”

37. Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi.

Ngokukamathewu 26