Ngokukamathewu 26:14-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Khona kwasuka omunye wabayishumi nambili othiwa uJuda Iskariyothe, waya kubapristi abakhulu,

15. wathi: “Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na?” Base bemnika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu.

16. Kusukela lapho wafuna ithuba lokumkhaphela.

17. Kepha ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi: “Uthanda ukuba sikulungiselephi ukuba udle iphasika na?”

18. Wathi: “Hambani niye emzini kumuntu othile, nithi kuye: ‘Uthi uMfundisi: Isikhathi sami siseduze; ngizakwenza iphasika kwakho kanye nabafundi bami.’ ”

19. Abafundi benza-ke njengokuba uJesu ebayalile; balungisa iphasika.

20. Kwathi sekuhlwile, wayehlezi ekudleni nabafundi abayishumi nambili.

21. Besadla, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini uzakungikhaphela.”

Ngokukamathewu 26