12. Ngokuba lapho ethela lawo mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungilungisela ukumbelwa.
13. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona leli vangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”
14. Khona kwasuka omunye wabayishumi nambili othiwa uJuda Iskariyothe, waya kubapristi abakhulu,
15. wathi: “Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na?” Base bemnika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu.
16. Kusukela lapho wafuna ithuba lokumkhaphela.
17. Kepha ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi: “Uthanda ukuba sikulungiselephi ukuba udle iphasika na?”
18. Wathi: “Hambani niye emzini kumuntu othile, nithi kuye: ‘Uthi uMfundisi: Isikhathi sami siseduze; ngizakwenza iphasika kwakho kanye nabafundi bami.’ ”
19. Abafundi benza-ke njengokuba uJesu ebayalile; balungisa iphasika.
20. Kwathi sekuhlwile, wayehlezi ekudleni nabafundi abayishumi nambili.
21. Besadla, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini uzakungikhaphela.”
22. Badabuka kakhulu, baqala ukusho kuye, kwaba yilowo, nalowo, ukuthi: “Kungaba yimi, Nkosi, na?”