1. Kwathi uJesu eseqedile onke lawo mazwi, wathi kubafundi bakhe:
2. “Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kuyiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuba ibethelwe esiphambanweni.”
3. Khona kwabuthana abapristi abakhulu namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase.
4. Bacebisana ukuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale.
5. Kepha bathi: “Makungabi ngomkhosi, funa kube khona isiyaluyalu esizweni.”
6. Kuthe uJesu eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko,
7. kwafika kuye owesifazane ephethe umfuma we-alabaste* wamafutha anenani elikhulu, wawathela ekhanda lakhe ehlezi ekudleni.
8. Kepha abafundi bakhe bebona lokho bathukuthela, bathi: “Kwenzelwani lokho kuchitha na?