5. Umyeni esalibele, zozela zonke, zalala.
6. “Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza!’
7. “Khona zavuka lezo zintombi zonke, zalungisa izibani zazo.
8. Eziyiziwula zase zithi kwezihlakaniphileyo: ‘Sipheni amafutha kwawenu, ngokuba izibani zethu ziyacima.’
9. “Kepha ezihlakaniphileyo zaphendula zathi: ‘Qha, funa angasaneli thina nani. Okungcono hambani niye kwabathengisayo, nizithengele.’
10. “Zisaya kuthenga, wafika umyeni. Ezazilungele zangena naye emshadweni; kwavalwa emnyango.
11. “Ngasemuva zafika nezinye izintombi, zathi: ‘Nkosi, nkosi, sivulele.’
12. “Kepha waphendula wathi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi.’
13. “Ngakho lindani, ngokuba anilwazi usuku nehora.
14. “Ngokuba kunjengomuntu owathi eyakuhambela kwelinye izwe wabiza izinceku zakhe, wazinika impahla yakhe;
15. enye wayinika amatalenta* ayisihlanu, enye aba mabili, enye laba linye, kwaba yileyo naleyo njengamandla ayo; wamuka-ke.
16. Lowo obamukele amatalenta ayisihlanu wahamba masinyane, wasebenza ngawo, wazuza amanye ayisihlanu.
17. Kanjalo obamukele amabili wazuza amanye amabili.
18. Kepha obamukele lalinye waya wemba emhlabathini, wayifihla imali yenkosi yakhe.
19. “Kepha emva kwesikhathi eside yafika inkosi yalezo zinceku, yalandisana nazo.