Ngokukamathewu 25:42-46 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

42. Ngokuba ngangilambile, aningiphanga ukudla; ngangomile, aningiphuzisanga;

43. ngangingumfokazi, aningingenisanga; ngihamba ze aningembathisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningihambanga.’

44. “Khona bayakuphendula nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi, noma uhamba ze, noma ugula, noma usetilongweni, singakukhonzanga, na?’

45. “Khona iyakubaphendula ithi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Lokho eningakwenzanga komunye walaba abancinyane anikwenzanga nakimi.’

46. “Laba bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.”

Ngokukamathewu 25