30. Leyo nceku engasiziyo yiphonseni ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala ngokugedla amazinyo.’
31. “Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo;
32. kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi,
33. imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo.
34. “Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.
35. Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa;
36. ngihamba ze nangembathisa; ngangigula, nangihamba; ngangisetilongweni, neza kimi.’
37. “Khona bayakuyiphendula abalungileyo ngokuthi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile sakupha ukudla, noma womile sakuphuzisa, na?
38. Sakubona nini ungumfokazi sakungenisa, noma uhamba ze sakwembathisa, na?
39. Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe, na?’
40. “Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’
41. “Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.
42. Ngokuba ngangilambile, aningiphanga ukudla; ngangomile, aningiphuzisanga;