Ngokukamathewu 25:24-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. “Kepha weza nobamukele italenta lalinye, wathi: ‘Nkosi, bengikwazi ukuthi ungumuntu olukhuni; uvuna lapho ungahlwanyelanga khona, ubutha lapho ungafazanga khona;

25. ngesaba, ngaya ngalithukusa emhlabathini italenta lakho; bheka, nakhu okwakho.’

26. “Kepha inkosi yakhe yaphendula, yathi kuye: ‘Nceku embi nevilaphayo, ubukwazi ukuthi ngivuna lapha ngingahlwanyelanga khona, ngibutha lapha ngingafazanga khona, na?

27. Ngakho wawumelwe ukubeka imali yami kwabebhange,* mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngitholile okwami kanye nenzalo.

28. “ ‘Ngakho mamukeni italenta, nilinike onamatalenta ayishumi.

Ngokukamathewu 25