Ngokukamathewu 25:13-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. “Ngakho lindani, ngokuba anilwazi usuku nehora.

14. “Ngokuba kunjengomuntu owathi eyakuhambela kwelinye izwe wabiza izinceku zakhe, wazinika impahla yakhe;

15. enye wayinika amatalenta* ayisihlanu, enye aba mabili, enye laba linye, kwaba yileyo naleyo njengamandla ayo; wamuka-ke.

16. Lowo obamukele amatalenta ayisihlanu wahamba masinyane, wasebenza ngawo, wazuza amanye ayisihlanu.

17. Kanjalo obamukele amabili wazuza amanye amabili.

Ngokukamathewu 25