1. “Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni.
2. Kepha eziyisihlanu kuzo zaziyiziwula, neziyisihlanu zazihlakaniphile.
3. Ngokuba eziyiziwula zithatha izibani kaziwaphathanga amafutha.
4. Kodwa ezihlakaniphileyo zaphatha amafutha ezitsheni kanye nezibani zazo.
5. Umyeni esalibele, zozela zonke, zalala.
6. “Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza!’
7. “Khona zavuka lezo zintombi zonke, zalungisa izibani zazo.