6. Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi. Bhekani ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.
7. Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.
8. Kepha konke lokho kungukuqala kwemihelo.
9. “Lapho-ke bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.
10. Khona-ke abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane.
11. Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi.
12. Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi.
13. Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.
14. Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.
15. “Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele -- ofundayo makaqaphele --
16. khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,
17. ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe,
18. osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe.
19. Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!