Ngokukamathewu 24:46-51 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

46. Ibusisiwe leyo nceku, okuyakuthi kufika inkosi yayo, iyifumane yenze njalo.

47. Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyimisa phezu kwakho konke enakho.

48. Kodwa uma leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele,’

49. iqale ukushaya izinceku ezikanye nayo, idle, iphuze nezidakwa,

50. inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangehora engalaziyo,

51. iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.

Ngokukamathewu 24