Ngokukamathewu 24:20-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika nangesabatha.

21. Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona.

22. Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa.

23. Khona uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Nanguya,’ ningakholwa.

24. Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka.

25. Bhekani, senginitshelile ngaphambili.

26. “Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Bhekani, usehlane,’ ningaphumi; noma bethi: ‘Bhekani, usendlini,’ ningakholwa;

27. ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.

28. Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.

29. “Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku“ ‘ilanga liyakufiphazwa,nenyanga ayiyikukhanya,nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini,namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’

30. “Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.

31. Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.

32. “Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.

33. Kanjalo nani, nxa nibona konke lokhu, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango.

Ngokukamathewu 24