Ngokukamathewu 24:14-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.

15. “Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele -- ofundayo makaqaphele --

16. khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,

17. ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe,

18. osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe.

19. Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!

20. Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika nangesabatha.

21. Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona.

22. Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa.

23. Khona uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Nanguya,’ ningakholwa.

24. Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka.

25. Bhekani, senginitshelile ngaphambili.

26. “Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Bhekani, usehlane,’ ningaphumi; noma bethi: ‘Bhekani, usendlini,’ ningakholwa;

27. ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.

28. Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.

Ngokukamathewu 24