Ngokukamathewu 24:13-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.

14. Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.

15. “Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele -- ofundayo makaqaphele --

16. khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,

17. ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe,

18. osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe.

19. Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!

Ngokukamathewu 24