Ngokukamathewu 23:11-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Kodwa omkhulu kini akabe yisikhonzi senu.

12. Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthothiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa.

13. “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena.

14. Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide! Ngalokho-ke niyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.

15. “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite* lilinye, lithi selaba njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!

16. “Maye kinina baholi abayizimpumputhe enithi: ‘Ofunga ithempeli akulutho, kodwa ofunga igolide lethempeli uzibophile!’

17. Ziwula, zimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu kunegolide nethempeli elingcwelisa igolide na?

18. Futhi: ‘Yilowo ofunga i-altare akulutho, kodwa ofunga umnikelo ophezu kwalo uzibophile.’

19. Zimpumputhe, yikuphi okukhulu kunomnikelo ne-altare elingcwelisa umnikelo na?

20. Ngakho-ke ofunga i-altare ufunga lona nakho konke okuphezu kwalo.

21. Nofunga ithempeli ufunga lona nohlezi kulo.

22. Nofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu nohlezi phezu kwaso.

23. “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.

24. Baholi abayizimpumputhe, nihluza insensane, niginge ikamela.

25. “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka!

26. Mfarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo.

27. “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!

Ngokukamathewu 23