Ngokukamathewu 23:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Khona uJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe,

2. wathi: “Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose.

3. Ngakho-ke konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi;

4. babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kepha bona abavumi ukuyifukula ngomunwe wabo.

5. “Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu* abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho.

6. Bathanda izindawo ezingenhla ekudleni nezihlalo eziphambili emasinagogeni,*

7. nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi ‘Rabi’.

8. “Kepha nina maningabizwa ngokuthi ‘Rabi’; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane.

9. Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini.

10. Futhi ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu.

11. Kodwa omkhulu kini akabe yisikhonzi senu.

Ngokukamathewu 23