Ngokukamathewu 22:6-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala.

7. Kepha inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa umuzi wabo.

8. “Khona yathi ezincekwini zayo: ‘Umshado usulungiselwe, kepha abamenyiweyo bebengafanele;

9. ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zezindlela, nibizele emshadweni bonke eningabafumana.’

10. Lezo zinceku zaphuma, zaya ezindleleni, zabutha bonke ezabafumanayo, ababi nabahle; indlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni.

11. “Kuthe inkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembethe ingubo yomshado;

12. yathi kuye: ‘Mngane, ungene kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na?’ Kepha wathula.

13. “Khona inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’

14. “Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.”

15. Khona abaFarisi basuka, bacebisana ukuba bamhile ngezwi.

16. Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.

Ngokukamathewu 22