Ngokukamathewu 22:4-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. “Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi: ‘Shonini kwabamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile ukudla kwami; izinkabi zami nokunonileyo sekuhlatshiwe; konke sekulungile, wozani emshadweni.’

5. “Kepha badelela, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe.

6. Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala.

7. Kepha inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa umuzi wabo.

8. “Khona yathi ezincekwini zayo: ‘Umshado usulungiselwe, kepha abamenyiweyo bebengafanele;

9. ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zezindlela, nibizele emshadweni bonke eningabafumana.’

10. Lezo zinceku zaphuma, zaya ezindleleni, zabutha bonke ezabafumanayo, ababi nabahle; indlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni.

11. “Kuthe inkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembethe ingubo yomshado;

12. yathi kuye: ‘Mngane, ungene kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na?’ Kepha wathula.

13. “Khona inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’

14. “Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.”

15. Khona abaFarisi basuka, bacebisana ukuba bamhile ngezwi.

16. Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.

17. Ngakho sitshele, uthini wena? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?”

18. Kepha uJesu ebazi ububi babo wathi: “Bazenzisi, ningilingelani na?

Ngokukamathewu 22