Ngokukamathewu 22:30-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. Ngokuba ekuvukeni kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini.

31. Kepha maqondana nokuvuka kwabafileyo anifundanga yini okwakhulunywa kini nguNkulunkulu, ethi:

32. ‘Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,’ na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo.”

33. Kwathi izixuku zikuzwa lokho, zamangala ngokufundisa kwakhe.

34. AbaFarisi sebezwile ukuthi uJesu ubathulisile abaSadusi, babuthana ndawonye.

Ngokukamathewu 22