29. Kepha uJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.
30. Ngokuba ekuvukeni kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini.
31. Kepha maqondana nokuvuka kwabafileyo anifundanga yini okwakhulunywa kini nguNkulunkulu, ethi:
32. ‘Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,’ na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo.”
33. Kwathi izixuku zikuzwa lokho, zamangala ngokufundisa kwakhe.
34. AbaFarisi sebezwile ukuthi uJesu ubathulisile abaSadusi, babuthana ndawonye.
35. Omunye wabo, isazimthetho, wamlinga, wathi:
36. “Mfundisi, ngumuphi umyalo omkhulu emthethweni na?”
37. UJesu wathi kuye: “ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.’
38. Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala.
39. Owesibili ofana nawo uthi: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’