Ngokukamathewu 22:21-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Bathi: “NgokaKesari.”Khona wathi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”

22. Sebezwile lokho bamangala, bamshiya, bamuka.

23. Ngalolo suku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza

24. bathi: “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engenabantwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.’

25. Kwakukhona-ke kithi izelamani eziyisikhombisa: owokuqala waganwa, wafa; engenanzalo washiya umkakhe kumfowabo.

26. Kanjalo nowesibili nowesithathu, kwaze kwaba kowesikhombisa.

27. Emva kwabo bonke wafa umfazi.

28. Pho, ekuvukeni kwabafileyo uyakuba ngumkabani kwabayisikhombisa, lokhu bonke babe naye, na?”

29. Kepha uJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.

30. Ngokuba ekuvukeni kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini.

31. Kepha maqondana nokuvuka kwabafileyo anifundanga yini okwakhulunywa kini nguNkulunkulu, ethi:

Ngokukamathewu 22