Ngokukamathewu 22:18-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Kepha uJesu ebazi ububi babo wathi: “Bazenzisi, ningilingelani na?

19. Ngitshengiseni imali yokuthela,” bamtshengisa udenariyu.*

20. Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?”

21. Bathi: “NgokaKesari.”Khona wathi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”

22. Sebezwile lokho bamangala, bamshiya, bamuka.

23. Ngalolo suku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza

24. bathi: “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engenabantwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.’

25. Kwakukhona-ke kithi izelamani eziyisikhombisa: owokuqala waganwa, wafa; engenanzalo washiya umkakhe kumfowabo.

Ngokukamathewu 22