Ngokukamathewu 22:14-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. “Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.”

15. Khona abaFarisi basuka, bacebisana ukuba bamhile ngezwi.

16. Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.

17. Ngakho sitshele, uthini wena? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?”

18. Kepha uJesu ebazi ububi babo wathi: “Bazenzisi, ningilingelani na?

Ngokukamathewu 22