Ngokukamathewu 22:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJesu wathatha wakhuluma futhi kubo ngemifanekiso, wathi:

2. “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado.

3. Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza.

4. “Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi: ‘Shonini kwabamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile ukudla kwami; izinkabi zami nokunonileyo sekuhlatshiwe; konke sekulungile, wozani emshadweni.’

5. “Kepha badelela, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe.

6. Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala.

7. Kepha inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa umuzi wabo.

8. “Khona yathi ezincekwini zayo: ‘Umshado usulungiselwe, kepha abamenyiweyo bebengafanele;

Ngokukamathewu 22