Ngokukamathewu 22:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJesu wathatha wakhuluma futhi kubo ngemifanekiso, wathi:

2. “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado.

3. Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza.

Ngokukamathewu 22