Ngokukamathewu 21:32-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye; kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye; kodwa nina, khona nikubona, aniguqukanga nakamuva, nize nikholwe nguye.”

33. “Yizwani omunye umfanekiso. Kwakukhona umuntu, umninindlu, owatshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba khona isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.

34. Kwathi sekusondele isikhathi sezithelo, wathuma izinceku zakhe kubalimi ukuba zithathe izithelo zakhe.

35. “Abalimi bazibamba izinceku zakhe, enye bayishaya, enye bayibulala, enye bayikhanda ngamatshe.

36. Waphinda wathuma ezinye izinceku eziningi kunezokuqala; benze njalo nakulezo.

37. Ekugcineni wathuma kubo indodana yakhe, ethi: ‘Bayakuyazisa indodana yami.’

38. “Kepha kwathi abalimi bebona indodana, bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.’

39. Base beyibamba, bayiphonsa ngaphandle kwesivini, bayibulala.

40. “Pho-ke, mhla kufika umninisivini, uzakubenze njani labo balimi na?”

41. Bathi kuye: “Uzakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe sinikwe abanye abalimi abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.”

42. UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi:“ ‘Itshe abalinqabayo abakhilona laba yinhloko yegumbi;lona lavela eNkosini;liyisimangaliso emehlweni ethu,’ na?

Ngokukamathewu 21