Ngokukamathewu 21:3-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Uma umuntu esho utho kini, anothi: ‘INkosi iyazidinga;’ uyakuzithumela masinyane.”

4. Kepha lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwashiwo ngumprofethi othi:

5. “Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoniukuthi:Bheka, iNkosi yakho iza kuwe,imnene, ikhwele embongolweni,yebo, etholeni,inkonyane yesilwane esiboshelwayo.”

6. Abafundi bahamba, benza njengokuba uJesu ebatshelile,

7. baletha imbongolo nethole, babeka izingubo zabo phezu kwazo, wahlala phezu kwazo.

8. Iningi lesixuku lendlala izingubo zalo endleleni, kepha abanye bagawula amahlamvu emithini, bawendlala endleleni.

9. Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi:“Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide!Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.Hosiyana kweliphezulu!”

10. Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, wathi: “Ngubani lo?”

11. Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile.”

12. UJesu wayesengena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba.

13. Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza ‘umhume wabaphangi.’ ”

14. Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini, waziphulukisa.

15. Kepha abapristi abakhulu nababhali, bebona izimangaliso azenzayo nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide,” bacasuka,

16. bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na?”UJesu wathi kubo: “Yebo, anizange nifunde yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso,’ na?”

17. Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona.

18. Kepha ekuseni esebuyela emzini walamba.

19. Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, weza kuwo; akafumananga lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna khona lapho.

20. Bekubona lokho abafundi bamangala bathi: “Umkhiwane ubune kanjani masinyane na?”

21. UJesu wayesephendula, ethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ kuyakwenzeka;

Ngokukamathewu 21