Ngokukamathewu 21:3-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Uma umuntu esho utho kini, anothi: ‘INkosi iyazidinga;’ uyakuzithumela masinyane.”

4. Kepha lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwashiwo ngumprofethi othi:

5. “Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoniukuthi:Bheka, iNkosi yakho iza kuwe,imnene, ikhwele embongolweni,yebo, etholeni,inkonyane yesilwane esiboshelwayo.”

6. Abafundi bahamba, benza njengokuba uJesu ebatshelile,

7. baletha imbongolo nethole, babeka izingubo zabo phezu kwazo, wahlala phezu kwazo.

8. Iningi lesixuku lendlala izingubo zalo endleleni, kepha abanye bagawula amahlamvu emithini, bawendlala endleleni.

9. Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi:“Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide!Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.Hosiyana kweliphezulu!”

10. Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, wathi: “Ngubani lo?”

11. Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile.”

Ngokukamathewu 21