17. Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona.
18. Kepha ekuseni esebuyela emzini walamba.
19. Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, weza kuwo; akafumananga lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna khona lapho.
20. Bekubona lokho abafundi bamangala bathi: “Umkhiwane ubune kanjani masinyane na?”
21. UJesu wayesephendula, ethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ kuyakwenzeka;
22. nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.”
23. Kuthe engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: “Ukwenza lokhu ngagunya lini na? Futhi ngubani okunike leli gunya na?”
24. UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza izwi libe linye; uma ningitshela lona, nami ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.
25. Ukubhapathiza kukaJohane kwavelaphi, ezulwini nokuba kubantu, na?”Bakhulumisana bodwa, bathi: “Uma sithi: ‘Ezulwini,’ uzakuthi kuthi: ‘Pho, anikholwanga nguye ngani na?’
26. Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ siyasesaba isixuku; ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi.”
27. Base bemphendula uJesu, bethi: “Asazi.”Wayesethi kubo naye: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.”
28. “Kepha nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: ‘Mntanami, hamba, uyosebenza namuhla esivinini.’
29. “Yaphendula yathi: ‘Angithandi;’ kodwa ngasemuva yaguquka, yaya.
30. “Wayeseya kwenye, washo kanjalo. Yona yaphendula yathi: ‘Ngiyaya, nkosi;’ kepha kayiyanga.
31. “Yiyiphi kulawa amabili eyenza intando kayise na?”Bathi kuye: “Eyokuqala.”UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.