Ngokukamathewu 21:16-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na?”UJesu wathi kubo: “Yebo, anizange nifunde yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso,’ na?”

17. Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona.

18. Kepha ekuseni esebuyela emzini walamba.

19. Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, weza kuwo; akafumananga lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna khona lapho.

20. Bekubona lokho abafundi bamangala bathi: “Umkhiwane ubune kanjani masinyane na?”

21. UJesu wayesephendula, ethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ kuyakwenzeka;

22. nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.”

23. Kuthe engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: “Ukwenza lokhu ngagunya lini na? Futhi ngubani okunike leli gunya na?”

24. UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza izwi libe linye; uma ningitshela lona, nami ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.

25. Ukubhapathiza kukaJohane kwavelaphi, ezulwini nokuba kubantu, na?”Bakhulumisana bodwa, bathi: “Uma sithi: ‘Ezulwini,’ uzakuthi kuthi: ‘Pho, anikholwanga nguye ngani na?’

Ngokukamathewu 21