Ngokukamathewu 21:11-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile.”

12. UJesu wayesengena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba.

13. Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza ‘umhume wabaphangi.’ ”

14. Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini, waziphulukisa.

15. Kepha abapristi abakhulu nababhali, bebona izimangaliso azenzayo nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide,” bacasuka,

16. bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na?”UJesu wathi kubo: “Yebo, anizange nifunde yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso,’ na?”

17. Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona.

18. Kepha ekuseni esebuyela emzini walamba.

19. Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, weza kuwo; akafumananga lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna khona lapho.

20. Bekubona lokho abafundi bamangala bathi: “Umkhiwane ubune kanjani masinyane na?”

21. UJesu wayesephendula, ethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ kuyakwenzeka;

22. nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.”

23. Kuthe engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: “Ukwenza lokhu ngagunya lini na? Futhi ngubani okunike leli gunya na?”

24. UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza izwi libe linye; uma ningitshela lona, nami ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.

Ngokukamathewu 21