Ngokukamathewu 21:11-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile.”

12. UJesu wayesengena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba.

13. Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza ‘umhume wabaphangi.’ ”

14. Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini, waziphulukisa.

Ngokukamathewu 21