1. Kwathi ukuba basondele eJerusalema, sebefikile eBetfage ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wathuma abafundi ababili,
2. wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe nethole linayo; zithukululeni, nizilethe kimi.
3. Uma umuntu esho utho kini, anothi: ‘INkosi iyazidinga;’ uyakuzithumela masinyane.”
4. Kepha lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwashiwo ngumprofethi othi:
5. “Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoniukuthi:Bheka, iNkosi yakho iza kuwe,imnene, ikhwele embongolweni,yebo, etholeni,inkonyane yesilwane esiboshelwayo.”
6. Abafundi bahamba, benza njengokuba uJesu ebatshelile,
7. baletha imbongolo nethole, babeka izingubo zabo phezu kwazo, wahlala phezu kwazo.
8. Iningi lesixuku lendlala izingubo zalo endleleni, kepha abanye bagawula amahlamvu emithini, bawendlala endleleni.