9. “Kuthe befika abehora leshumi nanye, kwaba yilowo nalowo wamukela udenariyu.*
10. Sekuza abokuqala, bathi bazakwamukela okukhulu; kepha nabo bamukela udenariyu* ngabanye.
11. Kepha sebamukela bakhonona ngomninindlu,
12. bathi: ‘Laba abokugcina basebenze ihora linye nje, ubalinganise nathi esithwalile ubunzima nesifudumezi semini.’
13. “Waphendula, wathi komunye wabo: ‘Mngane, angikoni; kanti asivumelananga ngodenariyu* na?
14. Thatha okwakho, uhambe; kepha ngiyathanda ukunika lo wokugcina njengawe.
15. Angivunyelwe ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Kumbe iso lakho libi, ngokuba mina ngimuhle na?’
16. “Kanjalo abokugcina bayakuba ngabokuqala, nabokuqala babe ngabokugcina.”
17. Kwathi uJesu esezakwenyukela eJerusalema, wathatha abafundi abayishumi nambili, wagudluka nabo; besesendleleni, wathi kubo:
18. “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife,
19. bayikhaphele kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.”
20. Khona kwafika kuye unina wamadodana kaZebedewu kanye namadodana akhe; wakhuleka, wacela into kuye.
21. Yena wathi kuye: “Ufunani na?”Wathi kuye: “Yisho ukuba lawa madodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho embusweni wakho.”
22. UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?”Bathi kuye: “Singakwenza.”
23. Wathi kubo: “Yebo, nizakusiphuza isitsha sami, kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselwe nguBaba.”
24. Bathi ukuzwa lokho abayishumi, bazithukuthelela izelamani ezimbili.