Ngokukamathewu 20:28-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”

29. Sebephuma eJeriko, isixuku esikhulu samlandela.

30. Bheka, kwakuhlezi izimpumputhe ezimbili ngasendleleni; kuthe zizwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza zathi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!”

31. Kepha isixuku sazikhuza ukuba zithule, kodwa kwayikhona zimemeza kakhulu, zithi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!”

32. UJesu wema, wazibiza wathi: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?”

33. Zathi kuye: “Nkosi, ukuba amehlo ethu avuleke.”

34. UJesu waba nesihe, waphatha amehlo azo; zase zibona masinyane, zamlandela.

Ngokukamathewu 20