17. Kwathi uJesu esezakwenyukela eJerusalema, wathatha abafundi abayishumi nambili, wagudluka nabo; besesendleleni, wathi kubo:
18. “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife,
19. bayikhaphele kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.”
20. Khona kwafika kuye unina wamadodana kaZebedewu kanye namadodana akhe; wakhuleka, wacela into kuye.
21. Yena wathi kuye: “Ufunani na?”Wathi kuye: “Yisho ukuba lawa madodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho embusweni wakho.”
22. UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?”Bathi kuye: “Singakwenza.”
23. Wathi kubo: “Yebo, nizakusiphuza isitsha sami, kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselwe nguBaba.”
24. Bathi ukuzwa lokho abayishumi, bazithukuthelela izelamani ezimbili.
25. Kepha uJesu wababiza, wathi: “Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo.
26. Akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu;
27. nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yenu,
28. njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”