Ngokukamathewu 20:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu owaphuma ekuseni ukuqasha izisebenzi ziye esivinini sakhe.

2. Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu* ngosuku, wazithumela esivinini sakhe.

3. “Waphuma futhi ngehora lesithathu, wabona abanye bemi esigcawini, bengenzi lutho;

4. nakubo wathi: ‘Yanini nani esivinini; ngiyakuninika okufaneleyo.’

5. Baya-ke.“Waphuma futhi ngehora lesithupha nangelesishiyagalolunye, wenze njalo.

6. Esephuma ngehora leshumi nanye wafumana abanye bemi, wathi kubo: ‘Nimeleni lapha usuku lonke ningenzi lutho na?’

7. “Bathi kuye: ‘Ngokuba akakho osiqashileyo.’“Wathi kubo: ‘Hambani nani, niye esivinini.’

8. “Kepha selishonile, umninisivini wathi enduneni yakhe: ‘Biza izisebenzi, uzikhokhele imali yazo, uqale ngezokugcina, ugcine ngezokuqala.’

9. “Kuthe befika abehora leshumi nanye, kwaba yilowo nalowo wamukela udenariyu.*

Ngokukamathewu 20