Ngokukamathewu 2:9-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Seziyizwile inkosi, zamuka; bheka, inkanyezi ezayibona kwelasempumalanga yahamba phambi kwazo, yaze yafika yema phezu kwalapho umntwana ekhona.

10. Zathi ukuyibona inkanyezi, zathokoza ngokuthokoza okukhulu kakhulu.

11. Zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina, zawa phansi, zakhuleka kuye, zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide namakha nenhlaka.

12. Kwathi ziyaliwe nguNkulunkulu ngephupho ukuba zingabuyeli kuHerode, zabuyela ezweni lakubo ngenye indlela.

13. Sezimukile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, ithi: “Vuka uthabathe umntwana nonina, ubalekele eGibithe, uhlale khona, ngize ngikutshele; ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuba ambhubhise.”

14. Wavuka-ke, wathabatha umntwana nonina ebusuku, wamuka waya eGibithe,

15. wahlala khona, waze wafa uHerode, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: “Ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.”

16. Khona uHerode, esebonile ukuthi izazi zimphambile, wathukuthela kakhulu, wathumela wabulala bonke abantwana besilisa baseBetlehema nasendaweni yonke yangakhona, abaminyaka mibili nangaphansi njengesikhathi abesibuzisisile kuzo izazi.

17. Khona kwagcwaliseka okwakhulunywa ngoJeremiya umprofethi ukuthi:

18. “Kwezwakala izwi eRama,ukukhala nokulila okukhulu,uRakheli ekhalela abantwana bakhe,engavumi ukududuzwa, ngokuba abasekho.”

19. Kepha uHerode esefile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibithe, yathi:

20. “Vuka uthabathe umntwana nonina, uye ezweni lakwa-Israyeli; ngokuba sebefile ababezingela ukuphila komntwana.”

21. Wasuka-ke, wathabatha umntwana nonina, wafika ezweni lakwa-Israyeli.

22. Kepha ezwa ukuthi sekubusa u-Arkelawu eJudiya esikhundleni sikaHerode uyise, wesaba ukuya khona; eseyaliwe nguNkulunkulu ngephupho wamuka waya kwelaseGalile;

Ngokukamathewu 2